Sesifike esiphethweni sobusika obude, nokuthe kubona savivinywa isimo sezulu esibandayo sase-Highveld, izulu elahlasela elaseKapa negciwane elisha lemfuluwenza neladala ukuthi abantu badinge ukwelashwa emhlabeni jikelele.
Kusukela iqaliswa ukusebenza, i-GEMS yenze umsebenzi ewunikiwe wokukhipha izinzuzo zokwelashwa eziseqophelweni eliphezulu ezingambi eqolo nezitholakala kalula kubasebenzi bakahulumeni.
Izeluleko zokuphila kahle: - Ukubhekana nokukhandleka komqondo - Amasu okudla ngendlela - Yenza Okuthile!
Kulobu busika siphinde safudunyezwa yizincwadi ezisithintile eziqhamuka emalungwini ethu ezweni lonke njengengxenye yomncintiswano we-GEMS Sisonke. Siyanibonga ngezindaba eziningi ezimnandi enisixoxele zona. Izincwadi ezithokozisa inhliziyo ezivela kini ziyisiqinisekiso sokuthi u-GEMS unendima enkulu okufanele ayidlale ezimpilweni zabantu nokukhululeka kwamalungu akhe. Kuhle ukwazi ukuthi u-GEMS uyaqhubeka nokubhekelela amalungu akhe uma besidinga. Sizokujabulela ukwabelana nawe ngalezi zindaba ngesikhathi esizayo ebhukwini eliphuma njali i-facets.
Ubusika buhlale njalo bulandelwa yizinto ezintsha kanye nempilo elethwa yintwasahlobo! Kukulezi "zinto ezintsha zempilo" kuyangithokozisa ukulethela amalungu ibhuku lesigamu sesithathu sonyaka se- facets.
Ngithemba uzokuthokozela ukwenezelwa kwama-facets.
I-Aid for AIDS (AfA) iyiNkampani eLawula ukubhebhetheka kwe-HIV/AIDS esebenzela u-GEMS ukukuhlinzeka ngokwesekelwa okuyimfihlo okudingayo uma uphila ne-HIV. Bangakusiza futhi uma udinga ulwazi oluthe xaxa ngesifo. Ngokubheka kubona ukuze uthole usizo, uzisiza wena uqobo ngokususa umthwalo wegciwane emahlombe akho bese uwubuyisela ezandleni zakho. U-Eunice , onguthisha, owathola ukuthi uphila negciwane eminyakeni eyisikhombisa eyedlule ngesikhathi enquma ukuyohlolwa emuva kokuthi kushone elinye ilungu lomndeni. "Okunzima kakhulu ukwazi ukuthi unegciwane. Ukubhalisa Ohlelweni Lokulawula Ukubhebhetheka Kwe-HIV lwe-GEMS' (GEMS' HIV Disease Management programme) olulawulwa ngabakwa-AfA, kuchaza ukuthi ngiyoqondiswa ngiphinde ngelulekwe odokotela abaqeqeshiwe nokuthi ngiyokwazi ukukhululeka." Ngaphandle kwemiphumela yesifo, kodwa ikhona indlela engasiza."Ngase ngikhathele ngidiniwe wukukhandleka ngokomqondo ngenxa yokugula," kusho u-Eunice, "Ngangingasakwazi nokulala ebusuku ngenxa yokukhathazeka. Ngesikhathi ngibhallisa ohlelweni lwe-AfA, babenesineke futhi besiqonda kahle isimo. Bangichazela ukuthi ukuba ne-HIV futhi nokungathathi imithi yokulidambisa, uma kunesidingo kufana nokushiya iminyango namawindi ekhaya lakho kuvuliwe ube wazi ukuthi izigebengu ziyeza. Ngakujabulela ukuthatha isinqumo ngazibophezela, nakuba ngangazi kahle kamhlophe ukuthi akulona iphutha lami lokuba ne-HIV."
Baphinde bakunikeze ulwazi olwazi olubalulekile ongalwazi ngalesi sifo. USifiso , ongumabhalane wathola ukuthi abe-AfA bamsiza ukubuyisela impilo yakhe esimweni esifanele. "Bangifundisa "Ukuphila Kahle (Positive Living)" okwangifundisa ukuthi ngiyiphile kanjani impilo yami entsha. Kunolwazi ngokugcina izinto zami zihlanzekile nokuba ngigeze izithelo nezitshalo ukuze ngingatheleleki ngamagciwane. Baphinde bangitshela ukuthi kudla kuni okulungele ukuthi ngikudle nokuthi ngizivocavoce kangakanani kanti futhi ngilale isikhathi esingakanani. Okuseqinisweni, ngizizwa ngingcono kakhulu manje. Okumangalisayo, ukuthi ngathi ngiqala impilo kabusha."
Uhlelo Lokulawula Ukubhebhetheka Kwe-HIV lwe-GEMS (GEMS HIV Disease Management), olulawulwa abe-AfA, lusiza u-Eunice noSifiso ukuze bazifundise bona, ngesikhathi i-Scheme sinakekela okunye. Imithi ibhekwa ngokucophelela ukuze kutholakale imiphumela eyiyo. Odokotela nabasebenzi baselabhorethri bayaqinisekisa ukuthi leso naleso siguli sithatha imithi eyiyo ukuze impilo yaso iqhubeke ngokwejwayelekile. Leso naleso siguli sithola ukwelulekwa ngokomqondo, njengoba impilo yaso yokomoya neyomqondo ingabalulekile nje kusona kuphela kodwa nakulabo abasondelene naso. "Ngaphambi kokuba ngibhalise ohlelweni labakwa-AfA ngangihlezi ngikhathazekile ngoba ngangazi ukuthi ngiphila ne-HIV kanti nomndeni wami wawubona ukuthi ngikhandlekile emoyeni. Kwakungathi kunefu elimnyama elengamele umuzi wami futhi ngangibona sengathi yiphutha lami. Manje njengoba sengithatha ama-ART izinto sezibuyele esimweni esejwayelekile ekhaya. Impela kwakufanele ngithi ukuguqula impilo yami kancane, kodwa lokho kuyinto enhle. Ngincamele ukwenza imizamo yokuthatha imithi yami ngesikhathi ngigqoke nejezi uma kumakhaza, kunokuthi ngizibulale," kusho uSifiso.
Bhalisa nabakwa-AfA, ngokuyimfihlo, ngokuxhumana nabo kule namba ethi-0860 100 646 noma ngokukhipha ifomu lokufaka isicelo kule-website ethi-www.gems.gov.za.
Ukushaywa wuvalo akukaze kusize muntu! Kunalokho kwenza isimo siqhubekele phambili. Ukuxhumana akucaci, okusho ukuthi incazelo iyalahleka bese bethatha izinqumo ezingeyizo. Yilokho okwenzeka ezweni lethu njengamanje kanjalo nasemhlabeni jikelele mayelana "nomkhuhlane wezingulube", noma "umkhuhlane i-mexican" noma igciwane le-H1N1, nakuba kunemizamo eyiyo eyenziwa ngabasebenzi bezempilo ukwazisa umphakathi ngamaqiniso.
Uma ubuka izinga labafayo nezinga lokungaqondakali kwalo, aliyona ingozi ngaphezu komkhuhlane owejwayelekile. Ngicabanga ukuthi kubalulekile abantu bazi ukuthi umkhuhlane owejwayelekile ungadala ukugula okukhulu, njengenyumoniya. Umkhuhlane owejwayelekile ungaba mubi kakhulu kanti futhi abantu libabulala minyaka yonke.
Ngokwe-NICD, kunemikhuhlane eyahlukene ehamba nezikhathi zonyaka kunomkhuhlane wezingulube ezweni kulesi sikhathi. Isizathu esenza ukuba umkhuhlane wezingulube wethuse ukuthi uyigciwane elisha. Abantu abavikelekile egciwaneni lomkhuhlane wezingulube njengoba kunjalo nangamanye amagciwane omkhuhlane, asebeyitholile. Kodwa ke, njengemikhuhlane ehambisana nezikhathi zonyaka, umkhuhlane wezingulube akumele uthathwe nje kakula.
Umkhuhlane wezingulube uzibonakalise njengomkhuhlane ohamba nezikhathi zonyaka unezimpawu ezinengi ezinjengemfiva, ikhanda elibuhlungu, ukubabuhlungu komgudu wokuphefumula, ukukhwehlela nokuba namafinyila. Umkhuhlane wezingulubeI uphinde wehluke emkhuhlaneni ohamba nezikhathi zonyaka ngezinye izimpawu; njengobuhlungu esifubeni, uhudo kanye nokucanuzelelwa yinhliziyo osekutholakele. Ezinye iziguli sezibe nezimpawu ezinzima bese kwathi eziningi zathi ukugula kancane.
Uma uba nalezi zimpawu ezingenhla, vakashela udokotela wakho ngaphambi kokuphuthuma esibhedlela noma ngaphambi kokuthenga i-oseltamivir (Tamiflu), imithi yokwelapha umkhuhlane wezingulube. Nakuba abanye odokotela bebhalela iziguli ukuba zithole i-Tamiflu ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi umuntu uthelelekile, abanye bayavuma ukuthi ukuthatha imithi uma ungaphethwe umkhuhlane wezingulube kwenza ukuba uyithole kalula esikhathini esizayo - uma ujwayele ukuthatha imithi enjena, igciwane liyakwazi ukumelana nayo. Lokhu kusho ukuthi uma usulithola ngempela igciwane lomkhuhlane wezingulube futhi usudinga i-Tamiflu angeke isasebenze ngendlela. Ngendlela efanele ukuthi isebenze ngayo, Ngendlela efanayo udokotela owaziyo umsebenzi wakhe angaphakamisa ukuba kunikezwe isiguli ama-antibiotic ukuze sivikeleke, njengoba lokhu kuyokwehlisa ithuba lokuba isiguli selulame ekugulisweni yigciwane.
I-NICD yeluleka ukuthi indlela eyiyo yokuvimbela ukutheleleka ngomkhuhlane wezingulube ukulandela izindlela zokuvimbela ngokukhulu ukucophelela. Gxila ekugezeni izandla zakho njalo nangendlela bese uphuza kakhulu okusaluketshezi. Ungaphinde udle kakhulu uvithami C no-B. Okokugcina, yenza izinto ezinengqondo owazitshelwa ngumama wakho: gqoka izinto ezifudumele, udle imifino bese ushesha ulale!
Kungabe uhlela ukuthatha umhlalaphansi maduze Uma ufuna ukuqhubeka nokuba yilungu lakwa-GEMS, kumele usazise okungenani esikhathini esingangenyanga ngaphambi kokuhlela ukuthatha umhlalaphansi ukuze uqiniseke ukuthi izinzuzo zakho zokwelashwa aziphazamiseki?
Ukwaziswa ngaphambi kwesikhathi kwenza ukuthi abesi-Scheme bakwedlulisele kwabahola impesheni enyangeni othatha ngayo umhlalaphansi, ngaphandle kobuhixihixi.
Uma uyilungu elikhokha imali ebekiwe kwi-Scheme ucela ukuqhubeka njengosethathe umhlalaphansi, akudingeki ukuba ugcwalise ifomu lokufaka isicelo elisha.
Treasury eqinisekisa ukuxhaswa kwakho njengosethathe umhlalaphansi, kumele uyithumele kithina. Lokhu kuqinisekisa ukuthi sisebenza isicelo sakho ngendlela eyiyo nangokushesha. Zonke izincwadi ezidingekayo ziyothunyelwa kwi-Government Employee's Pension Fund (GEPF) ukuze kugunyazwe ukuxhaswa kwakho. Isicelo sakho siyoba ngesingaphothuliwe size sithole isiqiniseko esivela kwabakwa-GEPF. Kodwa-ke, ungakhetha ukuba nezinzuzo uma ukuxhaswa kwakho sekuqinisekiswe ngabe-GEPF. Uma usuvumile ukukhokha ama-100% emali elindeleke kuwe uze ube yilungu eselithathe umhlalaphansi, uma abakwa-GEPF beqinisekisa ukuthi uzothola ukuxhaswa, ingxenye yokumxhaso osuvele uyikhokhile iyobuyiselwa kuwe. Uma unquma ukusebenzisa lolu hlobo lokuzikhethela, uyacelwa ukuba ugcwalise ifomu lemvume, ongakwazi ukulikhipha njengengxenye yeSicelo sokuba osethathe uMhlalaphansi kule-website ethi-www.gems.gov.za. Ungaphinde uthole ikhophi yala mafomu kwelinye lamahhovisi esifunda noma ngokushayela i-Scheme kule nombolo ethi-0860 00 4367.
Funda izimpendulo zeMibuzo eBuzwa Njalo ngezansi (FQA) ukuze ufunde kabanzi ngale nzuzo ebalulekile.
Ingakanani imali enginayo yokwelashwa amazinyo?
Amalungu e-Emerald anenzuzo yokwelashwa egcina ezi-R6 300 kumuntu ngamunye eminyakeni emibili. Izicelo zokukhokhelwa zikhokhwa ngama-100% esilinganiso se-Scheme. Kunemali engasetshenziselwa ukwelashwa kwamazinyo okwejwayelekile nokukubuyisela amazinyo eyi-R1 050 kumuntu ngamunye. Le mali ihlukaniswa nemali ebekelwe ukwelashwa kwamazinyo esibhedlela kanti itholakala eminyakeni emibili.
Kuzo zonke izinhlobo zokuzikhethela; amalungu angakwazi ukuhlanza nokupholisha amazinyo kabili ngonyaka (kanye ezinyangeni eziyisithupha) okuyokhokhelwa yimali yokwelashwa amazinyo okwejwayelekile.
Kwenzekani uma ngidinga ukwelashwa ngibe nginikwe imithi yokundikindikisa?
Udinga ukuthola imvume ngaphambi kwakho konke ukwelashwa okudinga ukuba unikwe imithi yokundikindikisa noma ukuba udakiswe imizwa. Ngaphambi kokwelashwa ngale ndlela, udokotela wakho wamazinyo kumele anike izizathu zokuthi kungani udinga imithi yokundikindikisa noma ukudakiswa. Konke ukulaliswa esibhedlela kwalabo abangaphansi kwelungu elikhulu abaneminyaka engaphezu kweyisi-8 kumele kwesekwe wudokotela wamazinyo obelaphayo.
Uyacelwa ukuba uqinisekise ukuthi uthola imvume kuqala ngaphambi kokuba ulaliswe esibhedlela okungenani emahoreni angama-48 ngaphambi kokwelashwa, ngaphandle uma kuyisimo esiphuthumayo..
Kwenzekani uma ngidinga ukulungiswa amazinyo okuyisipesheli?
Xhumana nabakwa-GEMS kule namba ethi-0860 00 4367 ngaphambi kokwelashwa kwamazinyo okuyisipesheli, ukuqinisekisa ukuthi ikhona imali yokwenza lokho nokuthi leyo nqubo iyokhokhelwa. Uhlelo lokwelashwa olubhalwe phansi nesilinganiso semali luyosiza ukuthola imali onayo. Lokhu kubaluleke kakhulu ngaphambi kokuhlinzwa emazinyweni noma ukwelashwa okuhlobene nalokho. Konke ukwelashwa okuphathelene nokulungiswa kwamazinyo kumele kuvunyelwe kuqala ngaphambi kokwenziwa. Okunye ukwelashwa emazinyweni ngeke kukhokhelwe ngenxa yemithetho ye-Scheme kanjalo namaphrothokholi okunakekela. Isibonelo salokhu amazinyo ashuthekwe ezinsinini, angakhokhelwa yi-Scheme.
Nge-GEMS DotMobi, uyakwazi ukufinyelela olwazini olumayelana nokufaka izicelo zokukhokhelwa, izinzuzo nokunye okuningi - noma ukuphi, ngisho ungekho eduze kwe-PC. Ukufinyelela kwi-internet ngomakhalekhukhwini wakho futhi kungenye yezindlela ezishibhe kakhulu zokufinyelela kwi-web - ukungena ekhasini elejwayelekile le-GEMS DotMobi liyokubiza imali ephakathi kwesenti elilodwa kanye namasenti amane!
Ulwazi oluningi lubekwe entendeni yesandla sakho, lutholakale ngokucofoza okulula umakhalekhukhwini wakho. Hlala uqaphele ngohlelo olulandelayo lwe-WEB SMART oluyochaza kabanzi ngesayithi luphinde luhlinzeke ngamasu anosizo.
Njengawe, sifuna izinzuzo zakho zihlale zikhona minyaka yonke - ukuqinisekisa ukuthi uyakwazi ukufinyelela ezinzuzweni ezingcono zokunakekelwa ngokwelapha ezingakunika ukwelashwa wena nomndeni wakho.
I-SMS Benefit Lookup ikwenza wazi ukuthi yiziphi izinzuzo onazo. Uma udinga ukuvakashela udokotela noma uma udinga ukwelashwa ngendlela ethile, ungahlola ukuthi ingakanani imali ngokuthumela i-SMS kule nombolo 33489 (i-SMS ngayinye ibiza R1.50).
I-GEMS iyobe isiphendula ngokushesha nge-SMS ikunike ulwazi olusha ngezinzuzo onazo.
Kungabe uzizwa ukhandlekile ngokomqondo emsebenzini Nakuba ukukhandleka komqondo kujwayelekile empilweni yethu yemihla ngemihla, ukukhandleka kakhulu ngomqondo kuyakuphazamisa ekusebenzeni ngendlela bese kukuhlasela emzimbeni nasemoyeni?
Zinakekele: Ukuthuthukisa impilo yakho yasemzimbeni nasemoyeni kuzokusiza ulwe nokukhandleka komqondo. Ukuzivocavoca, ukudla nokuphila ngendlela enempilo kubalulekile. Gwema imikhuba emibi nezindlela ezingezinhle: Hlonza izindlela ezingezinhle ezenezezela ekukhandlekeni komqondo bese uziguqula. Kuthatha isikhathi. Beka izinto ezibalulekile phambili bese uhlela kahle: Bhalansisa impilo yakho wenze isikhathi esilinganayo somsebenzi nenjabulo, uthume abantu ukuba bakusize uma ungakwazi. Yenza ngcono ubudlelwano bakho emsebenzini: Ukwenza ngcono ubudlelwane bakho nosebenza nabo bungehlisa ukukhandleka komqondo.
Dlela ukuphila: Ungadli ukudla okungaphezu kwalokho okudingwa wumzimba. Yidla izinhlobo ezahlukene zokudla: Ukudla okuvela ezinhlotsheni ezehlukene zokudla kubalulekile (amaphrotheni, isitashi, amakhabhohayidrethi namaminerali). Zama inhlanzi, amantongomane, izitshalo nezithelo ongavamile ukuzidla. Yidla kancane: Uma udla ukudla okunamakhalori amaningi, khetha isitatha kunokudla okuqinile. Yabelana ngalokho kudla nomngani futhi ungathengi ipuleti elikhulu. Yidla izithelo eziningi, imifino, okusanhlamvu nobhontshisi: Zama ukudla lokhu kudla kusekusha. Phuza amanzi amaningi: Iningi lethu liphila linamanzi amancane emzimbeni. Zama ukuphuza okungenani izingilazi eziyisi-6-8 zamanzi ngelanga.
Nciphisa ukudla okunoshukela, usawoti nemikhiqizo ecoyisisiwe. Gwema ukudla ebusuku kakhulu.
Ngezinsuku zabakwa-GEMS Zokuhlola Impilo Yabasebenzi (GEMS Wellness Screening) eyabanjelwa eminyangweni esiyisebenzelayo, ukuvocavova umzimba kwaba ngenye yezinto, amalungu ethu, ayicacisa njengento angathanda ukuyenza kakhudlwana. Sonke siyazi ukuthi kubalulekile ukuzivocavoca kodwa akulula ukukuqala. Lapha kunamasu angakusiza WENA ukuthi uqale indlela yokuba uzigcine ufithi futhi ube nempilo.
Kuyokusiza ukungazikhandli: Ungalindeli okuningi kakhulu kuwe! Qala kancane uhambe ngesivinini umzimba wakho okuvumela ukuba uhambe ngaso. Ukuqala ngokushesha kakhulu nokuzigqilaza kungakulimaza kanti ungazibona uyisehluleki ngaphambi kokuba uqale. Shayela umngani ucingo: Ukuzivocavoca nomngani, eklasini noma eqenjini kungakusiza ukuba uhlale ugqugquzelelekile. Kunohlelo lokuzivocavoca lalowo nalowo muntu: Noma ngabe isisindo sakho singakanani, umdala kangakanani, nokuthi ufithi kangakanani, usangaba fithi! Kunezinhlelo eziyisipesheli ezivumela ukuba abantu abakhubazekile, noma abantu abasalulama ekuguleni noma ekuhlinzweni ukuba bazilolonge. I-yoga nokubhukuda kuhle ukuze ugweme ukukhandleka emisipheni nasemalungeni.
Qaphela: Lawa masu ezempilo awangeni esikhaleni semiyalo yezempilo ozinikwa umhlinzeki wezempilo. Ukuze uthole olunye ulwazi lokudla ngendlela nokuphila, shayela abezempilo kule nombolo ethi-0860 00 4367.
Sijabule kakhulu ngezincwadi ezithokozisayo eziphuma kumalungu ethu angenela umncintiswane we-GEMS Sisonke.
Kuyajabulisa ukuthola izincwadi eziningi kangaka ezikhethekile. Siyabonga kini nonke enathatha isikhathi ningenela umncintiswano we-GEMS Sisonke - siyabonga ukuba nisazise ukuthi senza izinto eziningi ezinhle ngendlela. Samangazwa ukuphawula kwenu ukuthi u-GEMS wanisiza kanjani ngandlela yokuthi asikwazanga ukukhetha owokuqala nowesibili kwabathole umklomelo.
Ababili abawine Impelasonto yokuqala yababili ifaka nokundiza, ukuqasha umklomelo 1 imoto, indawo yokuhlala nokudla esifundazweni ozikhethele sona.
Qala manje uqoqe lezo zindaba waphinda washaywa yinhliziyo! Akawuvali umlomo ngosizo, ubumnene nokunakekelwa akuthola kusi-Scheme.
ukuze ube ngomunye wabawinile wanika yena nomndeni wakhe ukuthula emphefumulweni - hhayi ngoba bakhokhela izindleko kuphela, kodwa ngoba futhi emncintiswaneni wangonyaka ozayo. wathola ukwelashwa okuyikho.
Kunelinki eya ezilimini eziyi-11 ezisemthethweni ezovela. Lapha ungakhetha ukubheka incwadi ngolimi lwakho lwebele. Umsebenzi usuqalile wokuba izincwadi zokuxhumana zibe sezihunyushiwe ngonyaka wezi-2012.
U-GEMS uhlinzeka ngekhava engambi eqolo esezingeni elifanele kubasebenzi bakahulumeni - akukho okungale kwalokho. Uma kukhona oza kuwe akunike izeluleko nge-GEMS abese ezama ukukudayisela eminye imikhiqizo njengamapholisi emingcwabo, umshwalense wempilo, imali ezosheshe ivuthwe noma umshwalense wasesibhedlela, uyacelwa ukuba wazi ukuthi uyobe engamele u-GEMS. U-GEMS akawasebenzisi ama-ejenti ahola ngalokho akwenzile ukwazisa abasebenzi bakahulumeni ngobulungu babo kanjalo neminye imikhiqizo yomshwalense. I-Scheme sineqembu labalimele ezifundeni abadlulisa ulwazi nge-GEMS kubasebenzi bakahulumeni.
Imithetho yokusebenzisa imithi ye-Scheme ibekelwe ukuvikela izinzuzo zakho nokuqinisekisa ukuthi imithi oyinikwayo ingeyiyo nokuthi angeke ibe nobungozi kuwe. Le mithetho ayibekelwe ukukuvimbela ukwelashwa, ukuthola imithi noma ukuthi ufinyelele kulokho okumele ukuzuze. Eminye imithi ingaba nobungozi noma ingabe isayekeka uma ungasetshenziswa ngendlela. Ngaphansi kwemithetho emisha ye-Scheme amaphilisi ayinani elithile angeke avunyelwe esikhathini esithile, nenhlanganisela ethile yemithi ngeke ikhokhelwe. Le mithetho iyoqinisekisa ukuthi imithi ekhishiwe nenikeziwe ihambelane neminyaka nobulili bakho. Uma uba nemibuzo ungananazi ukuthintana nabakwa-GEMS kule nombolo ethi-0860 00 4367.
U-GEMS wakhelwe abasebenzi bakahulumeni. Akekho umuntu ongasebenzeli uhulumeni ongaba yilungu le-GEMS. Uma wesula emsebenzini kahulumeni, ungazami ukusebenzisa ikhadi lakho lakwa-GEMS ukuze welashwe. Noma iyiphi imali eyokhokhelwa lowo okwelaphayo, kuyomele ibuyiselwe kwi--GEMS.
Izeluleko zokunakekelwa kwezempilo kumalungu e-GEMS zitholakala kalula ocingweni. Shayela i-GEMS HealthLine kule nombolo ethi-0860 00 4367 ukuze uthole izeluleko zamahhala neziyimfihlo zokunakekelwa ngokwezempilo. Ungacela ukukhuluma nomhlengikazi onolwazi, obhalisiwe ngokukhathazeka kwakho ngezindaba zakho zezempilo.
Uma ushayela i-HealthLine ungalindela ukuqondiswa okunolwazi kokuthi ungaya nini ekhemisi ukuze uthole imithi oyithenga ngaphandle kwemvume kadokotela, uma udinga iseluleko sikadokotela noma uma kumele ungeniswe esibhedlela ngokushesha. Lolu cingo lunikeza ukufinyelela mahhala nangokushesha olwazini ngezempilo kanjalo nezeluleko, ikakhulukazi kulawo malungu ahlala kude nodokotela noma nezibhedlela.
Qaphela: Lolu hlelo aluthathi isikhundla sombono womhlinzeki wakho wezempilo.
Emagazinini yekota yesibili ye-facets, sibike ngale misebenzi elandelayo eyethulwa ukuze impilo yakho ibe lula.
UHlelo Lwabahulelwe luhlinzeka amalungu akhulelwe ngokwesekwa, imfundo nezeluleko kuzo zonke izigaba zokukhulelwa kwabo kanjalo nasesikhathini esisemva kokubeletha.
zethu zokuHlola Impilo Yabasebenzi ziletha Izinsuku imisebenzi yokuhlolisiswa endaweni osebenzela kuyo. Lokhu kusiza ukuthi kubonakale izingcuphe zempilo isikhathi sisekhona, ukuze zivinjwe noma kuncishiswe ukubhebhetheka kwesifo. Shayela i-Scheme kule nombolo ethi-0860 00 4367 ukuze uthole olunye ulwazi.
Indlela u-GEMS ebuka ngayo inkohlakalo ileyo YOKUNGAMELANI NAYO. Siyakucela ukuthi usisize ngokubika inkohlakalo noma inkohlakalo engase ibe khona yenziwa amanye amalungu, abelaphayo noma labo abangahlomula. Khululeka ukuthintana nathi mahhala nangokuyimfihlo kule nombolo ethi-0800 21 2202 uma kwenzeka wazi into okumele nathi siyazi.
